Lapha kuchitshiyelwa uMthetho ka-1998 wokweNgamela ukuThathwa kweziNqumo ngamaCala ezeNdlela ngenhloso yokulawula ukwakheka kweBhodi; ukuhlinzekela ukuqokwa nguNgqongqoshe kwabasebenzi abazobhekela ukugcinwa komthetho (sheriffs); ukunquma nokwelula isikhathi sokukhokhwa kwenhlawulo yokwephula umthetho nokubhekela amanye amaphuzu aphathelene nakho, ukulungisa lokho okubhaliwe; kanye nokuhlinzekela amanye amaphuzu aphethelene nakho.
a ukukhuthaza ukuhlonishwa kwemithetho kazwelonke [kanye] neyesifundazwe kanye nekamasipala ephathelene nezendlela kanye nokukhuthaza ukuphepha emigqwaqeni; kanye b nokwesulwa kukapharagrafu f.
Inqubo ebekiwe kumele ilandelwe lapho kwenziwa isivumelwano noma inkontileka okukhulunywa ngayo esigatshaneni 
Ungqongqoshe kumele kuthi ngaphambi kokuqoka amalungu okukhulunywa ngawo esigatshaneni 1a, ashicilele amagama abantu abahlongozwayo ukuba baqokwe njengamalungu kusoMqulu kaHulumeni futhi acele ukuthola uvo mayelana nokuqokwa kwalabo bantu.
a ashicilele isaziso kusoMqulu kaHulumeni lapho eveza khona ukuthi uhlongoza ukuqoka lowo muntu, acele umphakathi ukuba wethule uvo lwawo kumbe iziphakamiso eziphikisa ukuqokwa, singapheli isikhathi esinqunywe esazisweni esikhishiwe; futhi b akubheke ukuphawula okwenziwe neziphakamiso eziphikisayo azithole ngokwaleso saziso.
UNgqongqoshe kungathi ngemuva kokubonisana nonobhala, enze isiphakamiso kuNgqongqoshe wezobuLungiswa sokuba kuthi ngokulandela uMthetho ka-1986 weziThunywa ezibhekele ukugcinwa komthetho kuqokwe iziThunywa ezizobhekela ukugcinwa komthetho (sheriff), namaphini azo eziyodingakalela ukusebenza ngendlela komkhandlu
d Iminikelo etholakele, okumele yaziswe embikweni wonyaka okukhulunywa ngawo esigabeni 7 3 7 2; kanye
c ukwazisa umephuli mthetho ngencwadi erejistiwe nebhalwe ngendlela enqunyiwe ukuthi igama lakhe selifakwe kurejista kazwelonke yabantu abangaziphethe kahle ngenxa yokwephula kwakhe umthetho akwenzile; futhi
i uyokhokha eMkhandlwini inhlawulo, izimali zokumelwa ezinqunyiwe kanye nemali yencwadi abhalelwe yona noma enze amalungiselelo noMkhandlu ngendlela ebekiwe yokukhokha kancane kancane, zingakapheli izinsuku ezingama [28] 32 ngemuva kokuphuma kwesaziso esimbikela ngokwephula umthetho; kanye ii nokuthi ukwehluleka ukukhokha inhlawulo kanye nezimali ezifunekayo noma ukwehluleka ukwenza amalungiselelo okukhokha kancane kancane kuzoholela ekutheni kukhishwe incwadi yomyalo wokuphoqa umephuli mthetho, nezokwenza ukuthi umephuli mthetho abhekane nokukhokha inhlawulo, ezinye izimali ezifunekayo kanyenemali ezonqunywa yencwadi yokumphoqa.
c uma umephuli mthetho ekhetha ukuvela enkantolo, nokuyinto engenzeka kuphela ngokweseleluleko salowo omumele, kuyosebenza izimiso sezigaba sama-22.
Uma umephuli mthetho ekhokha inhlawulo nezimali okukhulunywa ngazo esigatshaneni 7bi noma enza amalungiselelo okukhokha kancane kancane, umkhandlu kumele -
b ukukhipha isaziso sokuthi umephuli mthetho kumele kuthi kungakapheli izinsuku ezingama [28] 32 ngemuva kosuku athole ngalo incwadi yesibonelelo embikela ngokwephula umthetho --.
a ithuba lokukhokha inhlawulo nezimali ezifunekayo uma zikhona, noma ukwenza amalungiselelo okukhokha kancane kancane, udaba kumele luphethwe ngaphandle kokuthi kucatshangwe ngezinye izinyathelo; futhi b kuthi kwezinye izimo ezibandakanya isinyathelo sokuthi udaba luye enkantolo, lesi sinyathelo kumele singasetshenziswa ukuze udaba luxoxwe luqedwe kungayiwanga enkantolo kulandelwa uhlelo lokwengamela oluhlongozwa kulo Mthetho.
a ukuthi isamba sisonke esikweletwayo kuhlanganisa nemali enqunyiwe yesaziso kumele kukhokhwe zingakapheli izinsuku ezingama-32 ngemuva kokuthola isaziso, futhi b ukuthi ukwehluleka ukuhlonipha isaziso okukhulunywa ngaso kupharagrafu a kungaholela ekutheni akhishelwe incwadi yokumphoqa ngokwezimiso zesigaba sama-21.
a ukuthi yonke imali esalile yesitolimenti kanye nemali yesaziso kumele ikhokhwe zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa siphumile isaziso kumbe kumele ahlele singakapheli leso sikhathi indaba yokukhokha kwaleyo mali; kanye b nanoma yiyiphi imali okumele ikhokhwe okukhulunywa ngayo kupharagrafu a kumele ikhokhwe njengoba kuhleliwe nanokuthi zonke ezinye izitolimenti okumele zilandele kumele zikhokhwe njengoba kwakuhleliwe phambilini; futhi c ukwehluleka ukuhlonipha isaziso kuzoholela ekutheni kukhishwe incwadi ezoyalela ukuba umephuli mthetho akhokhe sonke isamba esikweletwayo ngokwezimiso zesigaba sama-21
a emkhandlwini obhekele ukubhalisa; noma b esikhungweni esihlolela amalayisensi okushayela.
emkhandlwini wendawo obhekele ukubhalisa noma esikhungweni sendawo esihlolela amalayisensi okushayela.
Umkhandlu wendawo obhekele ukubhalisa noma isikhungo sendawo esihlolela amalayisensi okushayela kumele sihlale njalo sifaka imininingwane emisha kurejista kazwelonke yabephula umthetho, futhi sazise umkhandlu ngendlela ebekiwe uma kunemali ekhokhiwe nokukhulunywa ngayo esigatshaneni sesi- futhi sedlulisele leyo mali kungakapheli isikhathi esinqunyiwe nokungathi uma kungenzeki lokho uMkhandlu ufune inzalo eyobalwa ngokwamanani anqunyiwe.
Uma umyalo ophoqayo uchithwa kumele imiphumela ehambisana nawo ihoxiswe kanti uma ibandakanya ukwesulwa kokumiswa komuntu ekushayenileni noma ekusebenziseni imoto a irejista kazwelonke lezaphulamthethi kumele lifakwe leyo mininingwane b umephuli mthetho kumele aziswe ngendlela enqunyiwe kuthi ilayisensi noma iphemithi yakhe noma ikhadi lokushayela kuphindiselwe kuye noma ukumiswa kwelayisensi kokusebenza kwelayisensi okwenziwe kumazisi kwesulwe ngaphandle uma ukumiswa kwenziwe ngaphansi kwezinye izimo.
a ukuthatha nokuthengisa impahla ethathekayo ukubhekana nenhlawulo nezindleko ezifunekayo;
b uguquko esigatshaneni I sikapharagrafu b wepharagrafu elandelayo.
b ukukhishwa kwencwadi yomyalo ngokwezimiso zesigaba 211 akuvezi mpahla engathathwa kumbe ithengiswe noma umephuli mthetho uyehluleka ukuhlonipha incwadi emphoqayo ngemuva kokuphuma komyalo, umkhandlu wazise iziphathimandla ezikhiphe isaziso, okumele zihoxise isaziso sokwephulwa komthetho kanti iziphathimandla ebezikhiphe isaziso kumele [zikhiphe] zilungise amasamanisi ngokulandela izimiso zoMthetho ka-1977 weNqubo yamacala uMthetho ongunombolo 51 ka-1977.
b umabhalane wenkantolo kumele azise iziphathimandla ezikhiphe isaziso noma umkhandlu ngomphumela wecala ukuze leyo mininingwane emisha izofakwa kurejista likazwelonke lezaphulamthetho; kanti c [inhlawulo] yokungavumi icala ingabhalwa kumasamanisi futhi inakho ukuthi ingemukelwa,
a ngokwezimiso zesigatshana 1 a bese ehluleka wukuvela noma ukufika, inkantolo akumele ikhiphe incwadi yokumbopha yize izimiso zesigaba 55 soMthetho weNqubo yamaCala zikuhlinzekela lokho kodwa umabhalane wenkantolo kumele azise iziphathimandla ezikhiphe isaziso, okumele zazise umkhandlu kanti unobhala kumele aqhubeke nokukhipha umyalo wokuphoqa umephuli mthetho okukhulunywa ngawo esigabeni 201; futhi b ngokwesigatshana 1 b icala kumele lisingathwe ngokulandela izimiso zoMthetho ka-1977 weNqubo yamaCala.
Nakuba kungakhobakhona omunye umthetho, umephuli mthetho [okusingathwe] okwenganyelwe udaba lwakhe ngokwalesi Sahluko akeyuvuselwa amacala amadala kanti futhi akukho ukuthi angaphande aboshwe ngamaphuzu afanayo.
A Ukwenzela ukurekhodwa kwamaphuzu okungaziphathi kahle okukhulunywa ngawo esigatshaneni 3 kanye no4, umabhalane wenkantolo kumele azise umkhandlu ngomphumela waleso naleso sigcawu secala noma sokwedluliswa kwalo.
Uma umuntu umuntu ethola amaphuzu okungaziphathi kahle, okuthi lapho ehlanganiswe nalawo umuntu lowo anawo kurejista kazwelonke yabantu abephula umthetho futhi kwasuswa lelo nani elivezwe esigabeni sama-28 inani [leqe] leqe esibalweni okukhulunywa ngaso esigabeni sama-29d, lowo muntu uyoyekiswa ukushayela noma ukusebenzisa imoto [kulandelwa inqubo ebekiwe] lokhu kuqale ukusebenza ezinsukwini ezingama-32 ngemuva kokuba enikwe amaphuzu lawo enze kweqe esibalweni.
Nanoma yimuphi umuntu owehluleka ukuhlonipha izimiso zesigatshana 3 a noma oshayela kumbe asebenzise imoto ngesikhathi sokumiswa kwakhe unecala kanti lokho kungenza ahlawuliswe noma avalelwe ejele isikhathi esingekho ngaphezulu konyaka noma agwetshwe kokubili ukuba ahlawule aphinde avalelwe.
Lapho sekuphele isikhathi sokumiswa, umuntu okukhulunywa ngaye esigatshaneni 3 angafaka isicelo ngendlela ebekiwe eziphathimandleni ezikhipha isaziso ukuba zibuyise ilayisensi yakhe yokushayela eyikhadi, iphemithi yokushayela noma ziphinde zimenzele ikhadi lokusebenzisa.
Isaziso okukhulunywe ngaso esigatshaneni 1 kumele sithunyelwe eMkhandlwini, okumele wazise iziphathimandla ezikhiphe isaziso, nezengamele indawo okuhlala kuyo lowo muntu okukhulunywa ngaye.
a Umuntu onikwe amaphuzu okungaziphathi kahle nokwenza ukuthi amiswe ngokwesigaba 25 ekushayeleni nasekusebenziseni imoto ihlandla lesithathu, kumele kuthi ngokulandela indlela enqunyiwe alethe ngokushesha ilayisensi yakhe yokushayela eyikhadi, iphemithi yokushayela noma ikhadi lokusebenzisa elikhishelwe leyo moto eziphathimandleni ezikhipha isaziso okukhulunywa ngazo esigabeni 262 noma alethe noma yiyiphi ilayisensi yokushayela ekumazisi kulezo phathimandla.
bUmuntu owehluleka ukuhlonipha izimiso zikapharagrafu a unecala kanti lokho kungenza ahlawuliswe noma avalelwe ejele isikhathi esingekho ngaphezulu konyaka noma agwetshwe kokubili ukuba ahlawule aphinde avalelwe.
Iziphathimandla ezikhipha isaziso kumele kuthi lapho sezithole kumephuli mthetho ilayisensi yokushayela eyikhadi, iphemithi yokushayela noma ikhadi lokusebenzisa zithathe izinyathelo ezifanele ukucekela phansi ilayisensi yokushayela eyikhadi, iphemithi yokushayela noma ikhadi lokusebenzisa kanti kumele zilethe noma yiyiphi ilayisensi yokushayela ekumazisi ukuba izobhalwa ukuthi ihoxisiwe.
Uma umuntu ethole amaphuzu okungaziphathi kahle iziphathimandla ezikhipha isaziso okukhulunywa ngazo esigabeni 262 umkhandlu kumele unciphise inani lamaphuzu alowo muntu kurejista kazwelonke yabantu abephula umthetho, wehlise iphuzu elilodwa njalo ezinyangeni ezintathu noma ngelinye inani esikhathini obude baso obuyonqunywa kulesi sikhathi akukho maphuzu okungaziphathi kahle atholwe yilowo muntu, ngaphandle kwesimo lapho inkantolo ithole ukuthi lowo muntu ubambezele uhlelo ngabomu ngoba efuna ukuthola ukuncishiselwa amaphuzu.
Imithetho elawulayo ayisebenzi ezinhlawulweni nasezimalini okumele zikhokhwe ngokwalo Mthetho, kanti zingaqoqwa nanoma yinini.
Ngokubhekiswe esigabeni 6 soMthetho ka-1977 weziNguquko kwezeziMali, uMthetho wokuQoqelwa ndawonke, uMthetho ongunombolo 11 ka-1977, nanoma yiyiphi inhlawulo enhlawulo etholakale ngokwelwa komthetho kazwelonke knaye nowesifunda noma kamasipala ngokuphathelene nezendlela, kumele yedluliselwe njalo ngenyanga eziphathimandleni ezikhiphe isaziso, kanti uma ingedluliselwa kuleszo ziphathimandla, kumele yedluliselwe eziphathimandlini ezengamele indawo okwephulwa kuyo umthetho.
Nanoma yimuphi umuntu anganako ukuthi ngokulandela indlela ebekiwe, kuthi lapho ekhokha imali enqunyiwe aqinisekise ulwazi olugcinwe kurejista kazwelonke yabantu abephula umthetho mayelana nesimo samaphuzu akhe okungaziphathi kahle, ngokuya kunoma yisiphi isikhungo [seziphathimandla ezikhipha isaziso], isikhungo sendawo sokubhalisa noma isikhungo esihlolela amalayisensi okushayela.
Lo mthetho uzobizwa ngokuthi umthethosivivinywa oyisiChibiyelo ka-2002 wokweNgamela ukuThathwa kweziNqumo ngamaCala ezeNdlela.
Lo Mthethosivivinywa uChibiyela uMthetho ka-1998 wokweNgamela ukuThathwa kweziNqumo ngamaCala ezeNdlela (UMthetho onguNombolo 46 ka-1998) ("UMthetho"), ukuze kulawulwe ukwakhekha kweBhodi; ukuhlinzekela ukuqokwa nguNgqongqoshe kwabasebenzi abazobhekela ukugcinwa komthetho (sheriffs); ukunquma isikhathi eseluliwe sokukhokhwa kwenhlawulo yokwephula umthetho, ukwenza izethulo kanye nemiyalo yokuphoqa. Lo Mthethosivivinywa uhlongoza ukuthi iBhodi yakhiwe ngamalungu ayisikhombisa kube nombandela wokuthi amalungu amahlanu akumele abe ngabantu abasebenzela uHulumeni. Lo Mthethosivivinywa uphinde welule isikhathi sokuhlonipha isaziso sokwephulwa komthetho, sisuka ezinsukwini ezingama-28 saya kwezingama-32. Umephuli mthetho kumele aziswe ngendlela ebekiwe uma igama lakhe linikizwe amaphuzu okungaziphathi kahle. Umshushisi kumele azise iziphathimandla ezikhiphe isaziso ngezizathu zokwala kwakhe ukubopha umephuli mthetho. UMthethosivivinywa uphinde uhlinzekele ukukhokhwa kwenhlawulo kancane kancane noma ngezitolimenti.
Abeluleki bakaHulumeni bezoMthetho kanye noMnyango wezokuThutha babona ukuthi lo Mthethosivivinywa kumele usingathwe ngokulandela inqubo emiswe yisigaba sama-75 soMthethosisekelo ka-1996 wezwe laseNingizimu Afrika (UMthetho onguNombolo 108 ka-1996), ngenxa yokuthi ungena ngaphansi kwesigaba semisebenzi ekuSheduli 4 woMthethosisekelo, nebizwa "Ngeziqondiso zezendlela".
